Yihlathi Leli. Bhekisigcino D Khawula

Yihlathi Leli - Bhekisigcino D Khawula


Скачать книгу
uLwesihlanu ntambama. Wajabula kwathi akafe uMchithwa uma ebona uNtondolo epake imoto yakhe ngenhla komuzi wakubo kaMchithwa. Wabona ukuthi uze kuye ukuzobheka leyo mpahla.

      “Kuhamba kanjani Mchithwa ngaleya mpahla?” kubuza uNtondolo emva kokubingelelana.

      “Ungesabi bhuti, abangani bami bethembise ukuthi bazongipha ama-ARVs ukuze usizakale. Into abayifuna kakhulu ukuthi bayibheme le wunga ngaphambi kokuthi benze imizamo. Ngibezwisile nje, enye ngasala ngayibhema.

      “Ubala lolo,” emnika eningi iwunga le.

      “Wangisiza bhuti.”

      “Ngicela ukuyithola nami leyo mpahla,” kusho uNtondolo enwaya ikhanda.

      “Njengoba sizoyibhema nabo, sekuseduze phambili bhuti. Isithakiwe uma isinje?”

      “Yebo isithakiwe, sekusele ukuyifaka ephepheni nje bese nilayitha niyibheme, kodwa ningayifaki yonke. Okufanele ukwazi ukuthi leyo eyezinsuku ezine. Ngicela ukuhamba, nawe ubambisane nabangani bakho.”

      “Ngicela inombolo yakho yocingo bhuti.” Nebala wamnika behlukana onkabi.

      Endleleni uNtondolo ucabanga uMchithwa omuhle kanjena osezodlala iwunga. Lowo mcabango wawuphebeza ngoba naye iwunga akazifundelanga, kodwa wafundiswa, futhi le wunga imnika imali eningi. Uma kuqhuba kanje, umsebenzi wokushayela itekisi uzowuyeka. Ngenkathi umcabango uqhubeka ngewunga, wabona iyinhle yona ngoba ayibulali, ukube iyabulala, ngabe le ngane yakwaNcokwane akayifaki kuyona.

      UNtondolo wazithethelela ngokuthi akekho umuntu ombhemise ngenkani iwunga uMchithwa. Wabona kuzotholakala inqwaba yabathengi bayo la kwaDumisa. Into eyenza acabange kanjalo ukuthi uMchithwa nguye ozongamela abathengi, bese yena Ntondolo amlethele, mhlawumbe nonina uMaMsomi kunokwenzeka ahehwe nguMchithwa wakhe. Kubo kaMchithwa yikubo wemali. Ibhizinisi into yakhona.

      Kuyo le micabango ayicabangayo ngewunga yakhe uDlamini, akukho nokukodwa akubona kuyiphutha. Akacabangi ukuthi hleze uMaMsomi angayithandi indaba yewunga. Futhi uyakhohlwa uNtondolo ukuthi ingoduso yakhe yachithwa iyo indaba yale wunga eMlazi. Ubona uMchithwa engenayo ingoduso engachitheka. Le wunga phela uyidayiselwa yiNdiya laseMobeni, elinenqwaba yamaloli alayisha imithwalo anqamule amazwe. Nalo belu leli Ndiya liyayidla le wunga, kodwa ukezwe likhala kakhulu ngama-ARVs elize liwathenge.

      Wamisa itekisi uNtondolo ngoba ngaleso sikhathi sekuhlwile. Wakhipha isibhamu wasibeka phezu kwesihlalo esiseduze kwakhe. Nanku umcabango umtshela ukuthi akaye kokweba. Nguye lo ephendula imoto iqonda eKenterton, lapho wafika wayimisa khona. Wakhipha izinto zokugquzula isicabha. Walayisha inqwaba yezimpahla emotweni. Phela la ehlala khona uphila ngazo izinto azebile. Empilweni yakhe uNtondolo likhulu iqhaza elibanjwe iwunga, futhi uyazitshela ukuthi uyoyiyeka mzukwane wafa.

      * * *

      Kuthe kusenjalo, kwabonakala uFahlaza noNsonsothela bexoxa nje sekuhwalala, bezidlisa satshanyana laphaya kwaNdukwebandla, okuyisitolo esidayisa ukudla. Ngakusasa kwasa kuvuleke gengelezi, konke obekuphakathi kungasekho.

      Izincwadi kanye namapeni esikoleni okufunda kuso oMchithwa kwakuphela. Bheka nje, babe sebentshontshela ngisho othisha imbala. Uthishanhloko wayebikelwa ngalezi zigigaba zakamuva, kodwa asho ukuthi uzophenya, ngeke kugcine laba abenza lokhu.

      Kwathi ngolunye usuku kunguMsombuluko kusanda kuqalwa ukufunda, uthisha wabona uMchithwa ejuza amathe, ozela omdala. Wabona kufanele amvuse lo mfundi ngoba akathandi kube khona ingane eyozelayo uma efundisa, wazi ukuthi iyafeyila. UMnumzane Sishi okunguye obone uMchithwa evuza amathe, wamthethisa emtshela ukuthi akulalwa uma kufundwa, kodwa umfundi kumele azinike isikhathi esanele sokulala ebusuku.

      “Ncokwane awulali. Nigibela imfene ebusuku, hhe?”

      Zahleka izingane uma zizwa uSishi ekhuluma kanjalo noMchithwa.

      UMnumzane Sishi wagcizelela ukuthi unyaka usuzophela, kodwa akafune ngane ezophinda ikilasi. Wanxusa uMchithwa ukuthi uma ezwa ukuthi uxinwa ubuthongo kufanele asukume, noma kanjani ngeke bungapheli.

      Waziba nje uMchithwa. Uthisha waqhubeka nokufundisa. Avuza futhi amathe. USishi wanyonyoba eqonde ngqo kuye. Wafike wamvusa ngempama, zahleka izingane.

      Isahluko 3

      Kubukeka isimo sithanda ukushuba lapha endlini okuhlezi khona uMaMsomi, uNtombi kanye noMchithwa. Namhlanje kupheke uNtombi ngoba wenqabile uMchithwa. UMaMsomi akuve kummangalisile lokho. UMchithwa usengumuntu othandayo ukukhuluma, kanti umthetho wakhe uyahlonipha, uvuma lokhu okusuke kushiwo unina esikhathini esiningi. Ngakolunye uhlangothi, uNtombi wazi kahle ukuthi la ekhaya umuntu othandwa kakhulu nguye belu uMchithwa. UNtombi uklebe enjalo nje.

      “Ngicela ugeze izitsha mntakama, sengiphekile mina.”

      “Ntombi, musa ukudlala ngami,” ebhoka ngolaka.

      “Ngidlala ngawe uma ngithini bafo?”

      “Uyangibhedela!” anikine ikhanda, etshengisa nje uMchithwa ukuthi noma angalwa uNtombi kodwa yena uMchithwa angamudla amfele. UMaMsomi wachoba izinzipho zakhe, eshaya sengathi akezwa ukuthi kuyahiliziswana lapha endlini.

      “Mchithwa, ngicela ungihloniphe ngoba ngimdala kunawe.”

      “Uyintombazane wena. Nguwe okufanele uhloniphe mina. Umuntu wesifazane ungaphansi kowesilisa, ngisho iBhayibheli liyafakaza,” esho lokho ebuka unina emehlweni omdala, into angakaze ayenze ukungahloniphi uMchithwa.

      UNtombi wazibonela ukuthi uma ezama ukuphikisana ngamazwi nomfowabo, hleze athole isibhaxu kuye. UMaMsomi wazibuka lezi ngane zakhe azithandayo kodwa angazithandi ngokufanayo. Ayithanda kakhulu uMchithwa ngoba umfana, noQobolwakhe ayemthanda kakhulu esaphila. UQobolwakhe naye wayengayithandi into ebheke eceleni.

      UMaMsomi unesifiso sokuthi njengoba uMchithwa efana kangaka nje noyise ebusweni, sengathi nangezenzo kungaba yinto efanayo. Uyakhohlwa ukuthi umfundisi akamzali umfundisi.

      “Bantabami, ngicela ningisize.”

      “Sikusize ngani?” ekhulumela phezulu uMchithwa.

      UMaMsomi wabacela ukuba bobathathu baguqe ukuze bathandaze. UMchithwa wanyipha uma ezwa igama lokuthandaza. UNtombi wakubona lokho. Unina wangakunaka.

      Sakuncokola, uNtombi athi: “Bengicela ubafo asihole ngomthandazo.”

      “Musa ukungijwayela kabi, sengathi kukhona ozokuthola uma wenza njalo. Ngiyakusiza uma ngikwazisa lokho,” kusho uMchithwa ehwaqabala.

      Nebala, bonke baguqa; athandaze uMaMsomi: “Nkulunkulu ongahlulwa lutho, ngicela ungisize wenze lezi zingane zami zizwane, zombili ziphinde zingihloniphe nginguyise futhi ngingunina. Nkosi enomusa, vikela le yomfana, kuzo zonke izingozi ezingaphansi komthunzi welanga, noyise la ekhona ayiphumelelise kukho konke efisa ukukwenza. Ngiyabonga Baba omuhle onomusa.”

      Emva komkhuleko omfishane owenziwe uMaMsomi, zombili lezi zingane zashintsha ebusweni. Lokhu zikwenza ngezizathu ezaziwa yizona. UMaMsomi wakubona lokho engeyona ingane. Kwathula la endlini, kwasengathi kudlula ingelosi. UMaMsomi uyabona ukuthi kufanele kube khona akukhulumayo, hleze isimo sibuyele kwesejwayelekile. Ubona kufanele uma ekhuluma akhulume into enengqondo ngoba uMchithwa uphambene nodadewabo.

      “Zingane zami, kungabe ukhona onenkinga lapha kunina?” emamatheka uMaMsomi.

      “Ngibona ikhona inkinga,” kusho uNtombi.

      “Ntombi, iyiphi inkinga onayo?”

      “Wena Mama uthanda uMchithwa.”

      “Uyakubhedela lo wena Mama,” ebhoka ngolaka uMchithwa.

      “Phansi umoya, Ncokwane. Myeke athi ukwenaba uNtombi.”

      “Wena Mama kade ngabona ukuthi umuntu ongcono la ekhaya, uMchithwa.”

      “Nginithanda nobabili ngoba nazalwa yimi.”

      “Akunjalo Mama,” kuphika uNtombi.

      “Sekela ndodakazi.”

      “Uma uthandaza, ubeka uMchithwa emthandazweni.”

      “Ziningi izinkinga ezehlela umfana lapha emhlabeni kunentombazane, Ntombi,”


Скачать книгу