Yihlathi Leli. Bhekisigcino D Khawula

Yihlathi Leli - Bhekisigcino D Khawula


Скачать книгу
azelule.

      Uma kungase kungene umuntu lapha kulo muzi kaNcokwane, owakhiwe kahle kakhulu lapha kwaDumisa, angasho nje ukuthi awukho kule ndawo umuzi owakhiwe wadlula wona ngobuhle. UMaMsomi wethuka eseshilo ukuthi la ekhaya kufanele kuqiniswe kakhulu emthandazweni.

      Wasukuma uMchithwa ukuya kophaka, ngoba ezwa enokulamba okuhlangene nokulunywa isisu. Lapho bebona ukudla okuphakwe uMchithwa kuqonge kakhulu, oNtombi benonina bahleka ngokufihla. UNtombi yena kade ambona uMchithwa ukuthi akayedwa. Njengoba eqongisa ukudla ekushaya ekuvala ngokuphazima kweso nje, zaya ngokuqina izinsolo kuNtombi oshesha kakhulu ukubona izinto.

      Ngaleso sikhathi kwabe sekuhwalala. Babhekana nje uma bezwa uMchithwa evalelisa ngoba eya kolala. UMaMsomi kwayimane ebona ukuthi kukhona inkinga kuMchithwa ngoba akasheshi alale, noma kunjalo, akalali engozeli. Bheka nje, akasigezanga nesitsha abedlela kusona. Ngisho nokusibeka emsamo akasibekanga. UMaMsomi wabona ukuthi useyinuku uMchithwa kamuva nje.

      UMchithwa wabona kufanele ukuba afonele uNtondolo ngoba wamthembisa ama-ARVs. Enye inhliziyo yathi ngeke, akufanele afone umfo kaNcokwane ngoba uzolwa naye uNtondolo, kwazise akakaze amnike nakanye lawo ma-ARVs esivumelwano. Wavumela inhliziyo ethi akaqale abe nomhlangano nabangani bakhe, bahlanganise imiqondo ukuthi ama-ARVs azotholakala nini, ze uNtondolo ezele into ephusile la kwaDumisa.

      UMchithwa walayitha iwunga yakhe wabhema. Emva kokubhema, isisu wezwa sesiphele nya, kanti usuthi enjalo nje umntakaQobolwakhe. Ngaleya endlini okuphekelwa kuyo, uMaMsomi uxoxa noNtombi indaba yokuba yisidlambila kukaMchithwa. UNtombi uluma indlebe unina ukuthi ngolunye usuku, wabona uMchithwa ehlezi emotweni kaNtondolo, kanti uNtondolo uyisigebengu, waze waxoshwa uGumede ayemshayelela waze wayoshayela eMlazi. Bheka nje, bonke abanikazi bezimoto lapha kwaDumisa abazange bamnike umsebenzi.

      UMaMsomi, lo mqondo kaNtombi wabona ungaphusile ngoba umfana kulungile ahlangane nabanye abafana. Waphinde wangayikholwa neze indaba yokuhlala kukaMchithwa noNtondolo. Into ebanga lokho ukuthi, phela uNtondolo ungangoyise kaMchithwa. Ayikho into engahlanganisa uMchithwa noNtondolo bebe bebaningi kangaka ontangayabo uMchithwa.

      UNtombi wenzela ingane yakhe ukudla ngoba eyizwa ikhala. “Ngendlela okuyiyo, uma engayizwa uMchithwa ikhala le ngane, angamane ayishaye,” kuzindla uNtombi, owaphazamiseka ngokuthola le ngane esenza uGrade 12. Uzimisele ukukhulisa lo muntuza ngaphambi kokuzama ukulenza futhi ibanga leshumi nambili.

      UMaMsomi waba nesifiso esikhulu sokuthi uMchithwa angaliqeda ibanga leshumi nambili ukuze kube nguye othatha umsebenzi wokulima, bese kuthi yena uMaMsomi aphumule. Uma engase akhulelise uMchithwa, uMaMsomi angaphatheka kabi, kodwa kungaba ngcono ngoba leyo ngane kuyobe kungeyalapha kwaNcokwane. Akufani nengane kaNtombi engenaye uyise. Le ngane ayinayise ngoba bonke bayiphika. Okuhle-ke ngoNtombi ukuthi uzitshela ukuthi ngeke kuphinde kwenzeke okwamehlela. Uzitshela ukuthi ukubona kanye kusho ukubona kabili lapha ezweni. Ngenhlanhla, waxolisa kakhulu kunina ngalokhu okwamehlela. Ngenhlanhla futhi le ngane uHulumeni uyayondla, yize eyibona ikhula kancane uNtombi.

      Ngolunye usuku, uMaMsomi ezihlalele nje noNtombi, ngeniyane ucingo. Waphuma uNtombi.

      “Sawubona mzalwane.”

      “Yebo mzalwane,” kuvuma uMaMsomi.

      “NginguThish’ uSishi, la eSiphapheme.”

      “Yebo Thisha, kade ngakugcina ukukubona esontweni.”

      “Ukubambeka nje mzalwane, kodwa angikhohliwe umthandazo mihla namalanga.”

      “Ngafonelwa nguwe, kodwa kungabe ngenzeni?”

      “Ungethuki kakhulu. Ngabe unjani ukubambeka ngalapho ekhaya?”

      “Angibambekile.”

      “Shaya imoto yakho ufike lapha eSiphapheme,” etshengisa ukuthi sengathi kuyaphuthuma. Bavalelisana emva kokuvumelana.

      Inhliziyo kaMaMsomi yacabanga ngoMchithwa ongakafiki lapha ekhaya. Okubuhlungu ukuthi izingane afunda nazo uzibonile uMaMsomi zedlula ngezansi komuzi. Uma ecabanga ngoMchithwa lo angamboni, wafikelwa ukuthi mhlawumbe ufile nje laphaya esikoleni. Pho yini ebange ukuthi umzalwane angamtsheli? UMaMsomi wacabanga nokuthi into ebange ukuthi uSishi angamtsheli, ukwazi kahle ukuthi ubengawa nokuwa; phela uMaMsomi uyaziwa ukuthi unozwela kakhulu.

      Watatazela unina kaMchithwa, wena owabona ikhehla ligcagcelwa. Konke unina kaMchithwa ukwenza nje ithemba liya ngokuphela ekutheni uzomfica esaphila laphaya eSiphapheme. Wathi uma esecabanga ngeSiphapheme, wabona kuyisikole esiphapheme ngempela ngoba konke okwakhona kuphapheme. Nanko-ke omunye umcabango umfikela unina kaMchithwa wokuthi hleze ubizelwa ukuthi akazohalalisela ingane yakhe, ngoba ibaqwaqwade bonke abafundi ezibalweni. Pho uyazazi yini izibalo uMchithwa! Lapho kufika lo mcabango wakamuva uMaMsomi wezwa inhliziyo ithi cosololo. Wabona singekho isidingo sokuthi asheshise kukho konke akwenzayo ngoba eSiphapheme akukude kakhulu ukusuka lapha, kanti futhi akahambi ngezinyawo, uhamba ngeveni enejubane kakhulu. UMaMsomi usezizwa ethanda ukukhululeka manje.

      Emva kwesikhashana wabe esegqoke econsa, pho uyazithanda yini omdala! Wabona kufanele enze njengenjwayelo. Phela uma ezohamba ngemoto uqale akhuleke, akukhathalekile ukuthi uya kude noma eduze. Nguye lona eqonda ekamelweni likaNtombi ngenhloso yokuvalelisa. Nebala wafike wachazela uNtombi ngocingo alutholile. UNtombi wanikina ikhanda emva kwaleyo ncazelo. Wabe esefisela unina uhambo oluhle, waze wamtshela ukuthi ngabe uyamkhapha ukuba le ngane ayihluphi. UMaMsomi yena uziphethe ngezandla manje izikhiye zeveni.

      Athandaze: “Baba obabazekayo, njengoba sengilungele ukuhamba nje, ukuya la okufunda khona umntanami, ngicela ungisize ngimelane nanoma isiphi isimo sasemgwaqeni. Uphephise kwayona le moto engihamba ngayo. Baba, sengathi uhambo lwami lwaseSiphapheme, ekade ngagcina ukuya khona lungangijabulisa. Ngiyabonga kakhulu nangabantwana owangipha bona, benze babe nekusasa eliqhakazile. Konke lokhu ngikucela kuwe obusa ube uphila izikhathi ngezikhathi.” Bawusho kanyekanye nondodakazi wakhe u-Amen.

      Wathi uma ebheka izulu umama kaMchithwa, wathola lilihle. Wabe eseluqalile uhambo lwakhe. Ngokushesha wethuka esefikile laphaya eSiphapheme. Ufika nje, uSishi uncike kuvulandi ngenhloso yokuba abone uMaMsomi ukuthi kulindwe yena. Kusenjalo, emva kokubingelelana, baya estaff room. Engena nje, wabona uMchithwa endwazile nje. Wafunda kwezakhe uMaMsomi ukuthi inkulu indaba abizelwe yona la.

      “Mzalwane omuhle, ngibone kufanele ngenze umhlangano oyinguyazana. Bheka nje uthisha omkhulu akawazi, kodwa mina njengesekela lakhe, ngibe sengisebenzisa amandla ami. Lapha sishintshelwe ngu-Elpheus, akeve esebheda kamuva nje. Izibalo zimhlula kunabo bonke abafundi, kanti unyaka usaqala abafundi bebesizwa nguye. Ngicela umuphe umthandazo mzalwane, ngibona lifiphala ikusasa lakhe.”

      “Mzalwane ngizwa kahle, futhi ngibonga kakhulu ukuthi ungazise.”

      “Elpheus, qinisa ndoda.” USishi lowo emkhuthaza.

      “Ye-bo thi-thi-sha.”

      “Mchithwa, ungangiphoxi bandla,” kusho unina.

      Bamyala wabe esebonga kakhulu uMaMsomi. Bagcina behlukene noSishi ebukeka ejulile.

      Конец ознакомительного фрагмента.

      Текст предоставлен ООО «ЛитРес».

      Прочитайте эту книгу целиком, купив полную легальную версию на ЛитРес.

      Безопасно оплатить книгу можно банковской картой Visa, MasterCard, Maestro, со счета мобильного телефона, с платежного терминала, в салоне МТС или Связной, через PayPal, WebMoney, Яндекс.Деньги, QIWI Кошелек, бонусными картами или другим удобным Вам способом.

/9j/4AAQSkZJRgABAQEBLAEsAAD/7gAOQWRvYmUAZAAAAAAB/+EbyEV4aWYAAE1NACoAAAAIAAcB EgADAAAAAQABAAABGgAFAAAAAQAAAGIBGwAFAAAAAQA
Скачать книгу